Wavele Wathula

Wathulaaa
Bemukhafulela
Bemthwesical' angalazi
Nomu Pilatu segezi zandla
Kodwa bamshaya kabuhlungu
Noma sephikiwe
Akashongo lutho
Noma sebembuz'ukuthi ngempela yiwen'inkosi yamaJuda wathula
Wathula kunzima
Wathula kwenyukela
Umunt' abengaziphendulela
Kodwa yena wakheth' ukuthula

(Wathula wathula)
Wavele wathula (simusind' isiphambano)
Wavele wathula (ewanas' indlela yonke)
Akaphendulanga (wathula)
Wavele wathula

(Nom'imivimba ifutha)
Wavele wathula (lichinsik' igazi)
Wavele wathula (akacelangusizo kubona)
Akaphendulanga (akacelang' ucol' ubaba)
Wavele wathula

Ngimbon' uyalenga emthini
Ushayelelwe uvovigazi kodwa uyathula uyathula uyathula
Esinye sezelelezi sithi kungani ungazikhulili mawuyinkosi
Wathula uJesu behlekise ngaye

(Nome sebephana ngengubo zakhe)
Wavele wathula (nome sebemhlabile ohlangothini)
Wavele wathula (ukhulum' intethelelo ulenge'mthini)
Akaphendulanga (uthi Baba bacolele)
Wavele wathula

(Uyathembisa useyinhlungwini)
Wavele wathula (uthi namhla)
Wavele wathula (uthi namhla ngobanaw' epharadeysi)
Akaphendulanga (akaphendulang' ubuhlungu)
Wavele wathula

(Ukhulumu thando asalenge mthini)
Wavele wathula (uthi mama bheka nansi ndodana)
Wavele wathula (ndodana bhekunyoko yeyi kodwa usalenge mthini)
Akaphendulanga (akaphendulang' inyama)
Wavele wathula

Nawe noma sebekulahlile abomndeni
Noma obobathanda sebekushiya
Nabebandla sebekuthuka bekukhokhela ngaphandle
Lalela lingis' uJesu

(Ngithi thula lingis' uJesu)
Wavele wathula (noma sewuwedwa)
Wavele wathula (beka kuyena konkhe)
Akaphendulanga (wasilwela wasincobela eCalvary)
Wavele wathula



Credits
Writer(s): Nkosingiphile Dlamini
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link