Imali

Nananananana nananananana
Oooh wooh
Nananananana nananananana
Oooh

Anginayo imali
Kepha nginothando
Olwakho kuphela muntu wami
Anginayo imali
Kepha lenhliziyo yami
Ngeyakho kuphela muntu wami

Bambo lwami nawe uyazibonela
Yebo ayikho imali kepha ngawe ngiyazifela
Ngivuka ngiye emphantweni ngisebenzela mina nawe
Sihlale sijabulile ikati lingalali eziko mah

Ngoba ubuhle bakho
Bungakufikisa nakuphi la ungafisa ukuya khona
Kepha usenami lana
Lokho kusho lukhulu kimina
Ngiyathemba maduze mina nawe dali sizoba mnandi
Bambo lwami ungisize uze ungasuki kimi

Anginayo imali
Kepha nginothando
Olwakho kuphela muntu wami
Anginayo imali
Kepha lenhliziyo yami
Ngeyakho kuphela muntu wami

Wena uyisibusiso empilweni yami
Wazi ukuthi uthando lolu aluthengwa ngemali
Luhle uthando lwethu alushodi ngalutho
Abanye banemali kodwake injabulo ayikho

Themba lami
Mina ngikuthanda ngempela mama
Ngoba ukwazi ukubekezela mama
Noma izinto zingibhedela
Ung'thanda ngempela

Ngiyathemba maduze mina nawe dali sizoba mnandi
Bambo lwami ungisize uze ungasuki kimi

Anginayo imali
Kepha nginothando
Olwakho kuphela muntu wami
Anginayo imali
Kepha lenhliziyo yami
Ngeyakho kuphela muntu wami



Credits
Writer(s): Thulebona Mcineka
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link