Uhambo

Umumphefumulo usahlangene nenyama
Ngeke siyeke ukuzama
Syozama size siphumelele
Ngeke siphele amandla

Okhiye bempumelelo bakithi
Futhi ngeke sibalahle
Nalamakhaya okuthiwa awasile
Sowavusa, kwazise nekhaya elingasile
Liyasikhiqiza isigwili

Noma sigqokingubo eziphuphile
Ngeke siyeke ukuphupha
Phela nabakhule behlupheka
Bayaligqoki jazi lefundiswa
Ngoba lona alikhethi
Naba hlala ko one Room
Ekugcineni bayazakha ithabathaba

Ukphakama kwelanga,
Ukuphakama kwamathemba
Ukuvuka ekseni kusinikithuba
Lokuthi senzi simo sibencono
Umumphefumulo usahlangene nenyama
Ungayeki ukphusha

Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila
Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila

Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina
Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina

Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila
Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila

Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina
Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina

Phusha nominini
Ekuqaleni konyaka, naphakathi nonyaka
Nasekupheleni konyaka
Ungalindi unyaka omusha
Ngoba ukufika konyaka omusha
Akuchazi ukuthi impilo izoshintsha

Impilo yakho eyakho
Akyona eyonyaka omusha
So, kuzi shintshe idinga umzamo wakho
Iksasa lakho, lisezandleni zakho
Ayi enyakeni omusha, ngakhoke

Ungathi kaze unyakomusha, ung'phatheleni
Unyakomusha awunazo izandla
Uwena onezandla kahle, unyaka omusha
Iwona ok'fanenga ubuze wena
Ukuthi uwuphatheleni

Ukuqala konyaka omusha
Akuchazi ukuthi kukhona okushintshile
Kuchazukuthi iminyakiyahamba
Wena wenziminyakazo

Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila
Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila

Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina
Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina

Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila
Ivili liyajika, impilo ayidingi ivila

Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina
Awu bambelela, aw bambelela
Ngsendleleni ngyobangena mina



Credits
Writer(s): Mthokozisi Xaba, Mxolisi Khanyi
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link