National Anthem

Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?

Ngob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?

Nom'iNational Anthem len'oyiculayo
Ungazi nokuthi ash'ukuthini amagam'ayo
Ungixolele ngalembuzo
Ukuthi nje-ke nami angisamfuni umntodlalayo
Ngifun'ukubona ngezenzo
Angisilo loluhlobo lomuntu othathekayo ochazekayo
Bathi action speaks louder than words
Ngike ngizwe kush'abantu abathandanayo
Ngibonise lolothando
Mina ngithand'insizwa ewamelayo amagamayo
Umuthunywe zinkanuko
Vel'uyeke ngeke isebenze lento lena oyizamayo
Ngeke ubaqede abasfazane
Baningi nanamhlanje kusekhona abazalwayo

Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Ayiiii!

Mina ngihambile ngibonile
Ngijolile futhi bangigilile
Ngase ngifungile
Sengizitshelile othandweni ngphumile
Manje sengipholile
Sengingaqoma uma isikhathi sesifikile
Yebo angalile
Kungenza njob'uthuyangithanda uqinisile
Manje sengikhulile
Langa selishonile
Isikhathi sokudlala sesidlulile

Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?

(Ngiyacel'ungadlali ngami njengob'ulokhu ungibelesele)
(Ngingakunik'uthando lwami ujike wena ungibalekele)
(Uyob'uyiphulile inhliziyo yami nomoya wami uyobe wonakele)
(Ngiyayesabel'inhliziyo yami namathemb'othando kimi ashabalele)
(Nami ngiyafisa abazali bami bejabule ngami khona besaphelele)
(Wonk'amathemba sengiwabeke kuwe sengingowakho)
(Thatha amanamba ubongifonela ntambama ngizw'izwi lakho)
(Wobek'isamba ozongilobola ngaso ngibe ngowakho)
(Njengob'uhamba ubobuya uzolanda ucu lwakho)
(Um'ungibamba ngesandla kukhul'uthando nemizwa yakho)

Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?

Nom'iNational Anthem len'oyiculayo
Ungazi nokuthi ash'ukuthini amagam'ayo
Ungixolele ngalembuzo
Ukuthi nje-ke nami angisamfuni umntodlalayo
Ngifun'ukubona ngezenzo
Angisilo loluhlobo lomuntu othathekayo ochazekayo

Bathi action speaks louder than words
Ngike ngizwe kush'abantu abathandanayo

(Wonk'amathemba sengiwabeke kuwe sengingowakho)
(Thatha amanamba ubongifonela ntambama ngizw'izwi lakho)
(Wobek'isamba ozongilobola ngaso ngibe ngowakho)
(Njengob'uhamba ubobuya uzolanda ucu lwakho)
(Um'ungibamba ngesandla kukhul'uthando nemizwa yakho)



Credits
Writer(s): Scebi Dlamini
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link