Sizobalanda

Kukhona lomdukisi, odukisa abantu baka Nkulunkulu
Nabantwana bakaNkulunkulu.
Useyabangabazisa lababantu badalwa uNkulunkulu,
Lomdukisi akakaze adale noyedwa umuntu.
Njengoba nisibona silapha nje sizobalanda.

Sizobalanda
Njengoba nisibona silapha nje sizobalanda madoda
Zinsizwa, sizobalanda
Kufanele kube khon' impiulu
Kungabibikho noma munye umuntu ozoya esihogweni
Wangibheka kabi uSathane uma ngisho njalo

Uzosha yedwa, uzosha angqongqe
Uzosha abhubhe

Uyabafun' umdal' wabo
Uyabafun' owabadalayo
Nom' ebadukisile

Nkulunkulu wami ngikuzwile uma ukhuluma nami

Bhasopha phela nawe mngani wami
Ukukhuluma kanjani uma ukhuluma kanje?
Wowa bal' amagam' akho, hey wena

Nkulunkulu wami ngikuzwile uma ukhuluma nami



Credits
Writer(s): Joseph Shabalala
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link