Mr Double D2 -Kwa-Zulu (feat. Popayza, Siphelele T & SticksBeats)

Nkondlo ndlo ndlo.
Nkondlo dlothoza dluthuza hluthuza vukuza vunguza.
Nkondlo qopheka lobeka, ngihlambuluke uhlonze oluhluma ngaphakathi kimi, yeyi! Ngishiy'engalazi ngokaZulu!
Yini lena? Umbongo wenkondlo kaZulu!
OkaZul'umkikizo, OkaZul'umkikizo! OkaZul'umkikizo!!

Wadllala pholoba wadlala pholoba insizwa yakwa Ngcobo
Mebe bhala nge pensela Mina ngi bhala ngo zipho.
Bathi nyuswa,qadi,ufuze umavela
Umapholoba umashiya Amahle
Ngi phuma Kwazulu lapho eliduma khona izulu
Kwela Msholozi ubaba uZuma uNxamalala
Phansi lena ezansi eNkandla
Kwela Mthaniya
Bayede Ndabezitha,Zulu kamalandela
Zulu omnyama,Zulu uyasabeka
Mina ngili bhinca lensizwa indoda egcabile
inkunzi malanga ijongo madoda.
Angi phuzi coldrink ngiphuza umqombothi
Iqatha lenhloko ngilidla nge Folk and knifes
Umhluzu ngu phuze straw
Ngingene emcimbini ngigqoke umqhele ne bheshu
Iskhathi ngisibuka ku sphandla
Ured carpet ngi nyathela nge mbadada

Mina Ngiphuma Kwazulu Kwazulu Kwazulu
Lihlezi liduma iiZulu
Lihlezi liguqubele iZulu KwaZulu
Lihlezi linetha izulu
Mina ngihlala KwaZulu no Shaka Zulu
Mina ngu Mzulu wakwa Zulu wakwa zulu
Okhuluma isiZulu sakwa Zulu
Mina ngu Mzulu wakwa Zulu wakwa zulu
Okhuluma isiZulu sakwa Zulu

Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu
Hhayi Ngu Mzulu
Hhayi ngu Mzulu,hhayi ngu Mzulu,hhayi ngu Mzulu,
Okhuluma isiZulu,Sakwa Zulu,Sakwa Zulu,sakwa Zulu
Sakwa zulu

Hhai bo wemzansi Africa
Ngihamba nensizwa ke la,
Esuka phansi eNkandla Ezijibeni okhalweni.
Umaphoba ke lona uqadi umashiya Amahle ngathi azoshumayela,
Insizwa eginqa inkomo nge nqindi iphinde iyihlinze nge Razor,
Mude mude s'bhamu sey'nyoni,
Istimela eside ushosholoza meil.
Intombi eGolu zithi uMaphops uDaddy D,Mr Double D2
Mangiy'vale nje ngithi sweet maswidi
Uswidi wodwa dokotela kashukela
Qishi umqabaqaba igqabi le viniger
Hhaybo wena njalo,khuphuka lapho
Seku late wena,khuphuka qadi

Mina bafana Mina nge lusa,mina ngi nqwele
Ngisakhula umalume wayesi qhatha nge nhlabathi
Njenge mamba esem'mthina
Ngangi vele ngibashaye emakhanda
Ngithi ngqo ngqo ngqo ngqo mfana
Mina ngidlela esitsheni sika baba okuzalayo
Wena udlela esitsheni sika gogo mtu nanku umchamo

Kwakukhala umaye maye maye maye
Kuqhashe izintuli kusuke amaphepha
Summer or winter mina ngi juluka ikhala
Ufuzo lika baba waye nolaka
umZulu one nkani oshova ushuni wenkani

Mina Ngiphuma Kwazulu Kwazulu Kwazulu
Lihlezi liduma iiZulu
Lihlezi liguqubele iZulu KwaZulu
Lihlezi linetha izulu

Mina ngihlala KwaZulu no Shaka Zulu
Mina ngu Mzulu wakwa Zulu wakwa zulu
Okhuluma isiZulu sakwa Zulu
Mina ngu Mzulu wakwa Zulu wakwa zulu
Okhuluma isiZulu sakwa Zulu

Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu,Mina ngu Mzulu
Hhayi Ngu Mzulu
Hhayi ngu Mzulu,hhayi ngu Mzulu,hhayi ngu Mzulu,
Okhuluma isiZulu,Sakwa Zulu,Sakwa Zulu,sakwa Zulu
Sakwa zulu



Credits
Writer(s): Nkosingiphile Ngcobo
Lyrics powered by www.musixmatch.com

Link